MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Mhlaka 12 September 2024, Izinhlaka ezahlukene zangaphakathi ku Masipala wase Mandeni ezibhekelelene nokulandelwa kwemithetho nenqubomgomo yokusebenza kwamabhizinisi angaphansi kwalo Masipala zibe nomkhankaso wokuhlola izizinda zamabhizinisi emalokishini ahlukene.

Lomkhankaso bekuhloswe ngawo ukubheka ukuthi ngabe amabhizinisi ayahambisana yini nemithetho esingabala kuyo izimvume zokuhweba, amaphepha afanele aqinisekisa izakhiwo okusebenzelwa ngaphansi kwazo, izimvume zabasebenzi abangabokufika kanye nesimo sokudla okudayiswayo kulezindawo.

Ababili bangaphandle bakhalelwe ngamasongo ka singonyela kanti nendawo abebesebenzela kuyo ivaliwe.

UMeya Womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uncome kakhulu ukuzikhandla kwababe ingxenye yalomkhankaso waphinde wanxenxa amalunga omphakathi ukuthi asondele emahhovisi omnyango wezamabhizinisi ngenhloso yokuthola amaphepha afanele okuqhuba imisebenzi yabo.

“Kuyajabulisa ukuthi uma sihlaba ikhwela elifana naleli, izinhlaka eziningi ezahlukene zisithathele phezulu, lapha ngiso izinhlaka esingabala kuzo abakwa Health and Safety, amaphoyisa kanye nomnyango wezamabhizinisi”

“Nakuba kusijabulisa ukuthi siyawenza umsebenzi ofuze lona, kodwa siyacela kakhulu kubantu bakithi ukuthi beze emahhovisi ethu bethole izimvume ezifanele ukuze bezokwazi ukusebenza ngokungenazihibe” Kuqhuba uMeya.

Lomkhankaso uyaqhubeka; kanti uMasipala usalokhu ulishayile ikhwela lokuthi labo abafisa ukuvula amabhizinisi bengaxhumana nehhovisi lakwa Local Economic Development ku 0324568200 ukuze bezolekeleleka ukwenza lokho ngendlela efanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *