MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Mhlaka 19 September 2024, uMasipala wase Mandeni ubuhanjelwe isishayamthetho sesifundazwe iKwaZulu-Natal ngenhloso yokuhlola ibanga eselihanjiwe ekuphothulweni kwama-phrojekthi aqhubekayo ngaphansi kwalo Masipala kanye nalawo asephothuliwe.

Phakathi kwezindawo ezivakashelwe, singabala iPhrojekthi yokulungiswa kwesikole iNkwenkwezi High School eNdulinde kanye ne phrojekthi yokwakhiwa kwesikhungo sezincwadi zokushayela (Mandeni DLTC).

Amalunga esishayamthetho, abemelwe amaqembu ezepolitiki ngokwehlukana kwawo, awushayele elikhulu ihlombe umsebenzi owenziwayo ukugcina iMandeni ingezinye zezindawo ezihamba phambili ekuphuculeni ingqalasizinda kanye nokuletha intuthuko okuyiyona ekhalelwa kakhulu ngamalunga omphakathi ngokuka somqulu wentuthuko edidiyelwe.

UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uveze ukuthi lo Masipala uzimisele ngokuqinisekisa ukuthi intuthuko ilethwa ngokushesha futhi isezingeni elifanele.

“uMasipala wase Mandeni wenza isibophezelo sokuthi ubeka eqhulwini konke lokhu amalunga omphakathi akubeka etafuleni ngezikhathi zemjikelezo yama IDP. Konke amalunga omphakathi akubona kubalulekile nathi siyaye sikubeke eqhulwini”

“Kuyasijabulisa nokubona ubuholi besishayamthetho buzifikela mathupha ukuzobona imisebenzi esiphezu kwayo. Lokhu kusinikeza ugqozi lokuqhubeka nokwenza kahle, okujabulisa kakhulu ukuthi nathi asibaleki kodwa sivula iminyango bebone konke esikwenzayo ngoba siyafuna ukuthola iziyalo nolwazi lokuthi singaqhubeka kanjani sense kancono”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *