MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

08 OCTOBER 2024 – Umasipala wase Mandeni, wethule ngokusemthethweni uphiko lwezicishamlilo kanye notakulo. Lona umsebenzi lo Masipala obuwenza ngokulekelelwa ngabakwa Rural Metro kusukela ngonyaka ka 2013. Ukungeniswa ngokusemthethweni kwaloluphiko ngaphansi kuka Masipala, kuyisibophezelo somkhandlu wamakhansela ukuqinisekisa ukuthi azikho izinhlaka zokuhlinzeka umphakathi ngezidingo ezingekho kanye nokukhanda amathuba emisebenzi.

Njengengxenye yalo mcimbi, UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose ubonge zonke izinhlaka ezihlale zeseka uMasipala ngezikhathi zezimo eziphuthumayo kanye nezinhlekelele.

“Ngithanda ukubonga kakhulu izinhlaka ezahlukene ezihlale zimi kanye nathi ngezikhathi zezinhlekelele, lapha ngingabala izinkampani zama-security ngokwehlukana kwazo, abakwa IPSS Medical Rescue, SAPS (Nyoni, Sundumbili, Newark and Mandeni Police Stations), Umlalazi Municipality, KwaDukuza Municipality kanye no Rural Metro. Lezi izinhlaka ezingoma bizwa-sabele ngezikhathi ezinzima. Siyacela ningadinwa ithina siqhubeke njalo nokubambisana okuhle”

UMeya uphinde wadlulisa amazwi akhayo kulabo abathenjwe ngomsebenzi wokuba ingxenye ye thimba le Mandeni Fire and Rescue.

“Lona umsebenzi ongakhethi bala lamuntu, awukhethi minyaka. Ngingacishe ngwu fanise nomsebenzi ka Nkulunkulu ngoba usiza bonke abantu futhi uwumsebenzi abantu abawukhumbula ngezikhathi ezinzima. Ukwehlelwa inhlekelele into umuntu angayihleleli futhi uma isimehlele uyaye abe nokuphazamiseka okukhulu okumenza ngisho enawo amandla okuzilekelela kodwa kujame yonke into. Ngiyacela nizibambe ziqine, niqhubeke nokusebenza ngokuzimisela kanye nokuthembeka, izimpilo zabantu base Mandeni ngezikhathi ezinzima zisezandleni zenu” kuqhuba uMeya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *