MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

29 OCTOBER 2024 – UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose usenxuse amalunga omphakathi wase Mandeni wonkana ukuba ayamukele ngezandla ezifudumele iphrojekthi yomgwaqo uD883.

Lomgwaqo osuka eNkantolo yeNkosi yesizwe sase Langeni, Isikhonyane Tribal Court, ugudle nge Clinic yase Ndlulinde unyukele ko Samungu uze uyoma ngo Masipala wase Mlalazi.

Lomgwaqo oyibanga elingu 5.422KM, kulindeleke ukuthi wakhiwe ngetiyela kanti uzothatha izinyanga ezingu-24, ngenani lika R139 million.

Enkulumweni yakhe, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni usonkontileka ozokwenza lomsebenzi emphakathini, uMeya ucele ukuthi kube nokubambisana.

“Lomsebenzi njengoba uzokwethulwa nje, ulethwe kunina njengomphakathi, ukuzokhombisa ukuthi sekungowenu, ukuphumelela kanye nokufeyila kwawo kusezandleni zethu. Uma Kuba khona okunganijabulisi, ningavimbi usonkontileka ekwenzeni umsebenzi wakhe, akhona amakhansela, izinduna kanye nobuholi bonkana, kuyomele sihlangane, sihlale phansi silungise noma ngabe isiphi isimo” kubeka uMeya ngaphambi kokubonga uhulumeni wesifundazwe.

“Siyabonga kakhulu emnyangweni wezokuthutha ukuthi bakuzwile ukukhala kwethu. Njalo Uma sinemihlangano namalunga omphakathi, siyaye silalele bese sidlulisela eminyangweni efanele, siyinxuse ukuthi ize izolekelela abantu bakithi. Lokhu kuyisiqalo sokuningi okuzayo”

uMeya uphinde wengeza ngokuthi umsebenzi waloluhlobo awugcinu ngokukhanda amathuba emisebenzi ngesikhathi wenziwa kuphela kepha maningi amanye amathuba oza nawo.

“Ukuba nomgwaqo wetiyela kusho ukuthi nofisa ukuvula iCarwash, usenawo umsebenzi waphakade, ezophinde aqashe nabanye abantu bakithi, abadayisayo, izakhiwo zezindawo zokulala nokunye kufinyeleleka kalula kukhona, okuhle nje lomgwaqo uxhumanisa indawo yakithi kanye nendawo yase Showe, kuningi kakhulu okuhle okuza nalomsebenzi”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *