Namhlanje, uMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, uhole ithimba ebelifolose ngephini lakhe uKhansela Bhekithemba Magwaza, uSomlomo womkhandlu uKhansela Phindile Sishi Kanye namakhansela ezigceme ezahlukene emlenzeni wokuqala womjikelezo wokubungaza usuku lokuphuma kwemiphumela ka matikuletsheni.
Phakathi kwezikole ezivakashelwe singabala iMpoqabulungu High School, lapho umfundi uLuthando Mbatha ethole khona o-Distinction abangu-7. Lelithimba liphinde lavakashela isikole iKwaVusumuzi High School lapho umfundi uMisokuhle Mgwaba ethole khona o-Distinction abangu 7 Kanye no B kwesisodwa.
EMandeni babalelwa ku-4 abafundi abathole o-Distinction abangu-7. Abanye abafundi ngu Ziyanda Ndlovu obefunda eTugela Secondary Kanye no Sinethemba Khumalo obefunda e-Inkosi KW Mathaba High School ebiyaziwa nge Sinyabusi Secondary ngaphambilini.
Njengengxenye yalomjikelezo, kuvakashelwe nesikole iNkwenkwezi High School, lesisikole isona esihambe phambili ngokuphasisa 99.93% wabafundi, uyedwa umfundi ongaphumelelanga kulabo abangu 150 abebebhalisele izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Lomfundi akabhalanga ngenxa yesimo sempilo esingekho sihle, uMdlalose umuphe isipho somyalezo ka dolo-qina waphinde wamfisela ukululama ngokushesha.
Khonamanjalo, uMeya wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose udlulise amazwi okubonga kothisha, abafundi Kanye nabazali bezingane eziphumelele.
“Lemiphumela emihle kangaka iwubufakazi bokubambisana phakathi kwabazali nothisha Kanye nokuzimisela kwabafundi. Siyabahalalisela bonke abaphumelele, beqhubeke ngokwenza kahle Kanye nokuziphatha ngendlela efanele nasezikhungweni zemfundo ephakeme”