MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Uhlaliswe ngempumelelo umhlangano wokufungiswa ngokusemthethweni kwamakhansela azoba ingxenye yomkhandlu ka Masipala wase Mandeni kuleminyaka emihlanu elandelayo (2026-2031).

Kulomhlangano, kuqokwe uKhansela, Dkt. Andile Biyela (IFP) njengo Meya, uKhansela Siyabonga Mdletshe (EFF) waqokelwa kwesokuba ngu sekela Meya, u-Khansela Zamile Mdletshe (ANC) uqokelwe esokuba ngu Somlomo womkhandlu.

Ukufungiswa kwalamakhansela kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya obelusingathwe mhlaka 04 November 2026, babalelwa ku 46 203 abantu base Mandeni abaphumelela ukuyovota ngaphansi kwezigceme ezingu-18 nama Voting Districts angu-69.

Amakhansela akhethelwe ukuba ingxenye yalomkhandlu, angu-35 esewonke, amele amaqembu okungu Mkhonto Wesizwe Party (17), Inkatha Freedom Party (8), African National Congress (8), Economic Freedom Fighters (1) nenhlangano ye Democratic Alliance (1), okuyiwona akwazile ukuthola izihlalo.

Enkulumweni yakhe yokuqala njengo Meya, uKhansela Biyela, unxuse ukuthi kube khona ukuthula, ubumbano kanye nokubeka izidingo zabantu base Mandeni phambili kulesikhathi esibekiwe sobuholi obusha.

“Esifukisayo ukubeka ukuthuthukisa abantu base Mandeni phambili, singabheki ukuthi ugqoka siphi isikibha ngokwezepolitiki. Ngoba kukhona amaKhosi asendlunkulu phakathi kwethu, akufisayo ukubona intuthuko nokuphuculwa kwezimpilo zabantu ezindaweni abahlala kuzo”

“Abantu bakithi abadli ipolitiki, futhi abadli izinkulumo, siyadinga ukubuyisela uSithebe esichongweni obukusona, ngezikhathi zawo ubuqasha abantu bakithi abangaphezulu kuka 27 000, kuwumsebenzi wethu njengoba sikhethiwe ukuthi wonke umuntu abone lobuholi bumusebenzela”

“Nginethemba lokuthi ngokubambisana no Somlomo no Sekela Meya konke okuhle esikufisela abantu base Mandeni kuzokwenzeka”