MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Mhlaka 19 September 2024, abafundi bezikole ezahlukene zamabanga aphansi kanye namabanga aphezulu ezingaphansi kuka Masipala wase Mandeni bathole ithuba lokuqhudelana nge nkulumompikiswano ngolwazi oluqukethwe ku somqulu wentuthuko edidiyelwe (IDP Document).

Lolu uhlelo luka Masipala wase Mandeni olwenza ngokubambisana nabakwa StatsSA. Inhloso yalo ukumbandakanya abantu abasha kokwenziwa uMasipala kanye nokuqugquzela umdlandla wokusinga ulwazi nokukhuluma phambi kwabantu.

Lomncintiswano ububanjelwa eSibusisiwe Hall kanti udlale indima enkulu ekunikezeni abafundi ithuba lokuba ingxenye yokuhlahla indlela ngokwenqubomgomo ka Masipala kanye nezindlela zokuphucula iMandeni yonkana.

Usihlalo wekomidi Labantu abasha ngaphansi kuka Masipala wase Mandeni, uKhansela ST Thwala uwuncome kakhulu lomncuntiswano, waveza nokuthi isikhathi sokuthi abafundi bambandakanywe ekuthathweni kwezinqumo.

“Zonke izinqumo esizithatha manje, ziyothinta izimpilo zabantu abasezikoleni njengoba sikhuluma nje, kusemqoka ke ukuthi nabo sibanike ithuba baveze imibono yabo nangendlela ababona ngayo izinto kanye nekusasa”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *