MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

UMasipala wase Mandeni, usingathe ngempumelelo umcimbi wama-Matric Excellence Awards, eSibusisiwe Hall, mhlaka 29 January 2024. Lomcimbi bekuhloswe ngawo ukuchoma uphaphe lwegwalagwala labo abenze kahle ngesikhathi sezivivinyo zika matikuletsheni ngonyaka ka-2024.

Phakathi kwalabo abebeyingxenye yalomcimbi singabala, abahloli emnyangweni wezemfundo besifunda iLembe, othisha bezikole ezahlukene, amakhansela, abazali bezingane ezenze kahle ku matikuletsheni, abafundi, kanye nezinhlangano ezahlukene ezisebenza ngokuqinisekisa ukuthi ezemfundo zisezingeni elifanele eMandeni.

Njengengxenye yokwenzekile osukwini, uMasipala wase Mandeni, ngoxhaso lwezimenenja kanye nabaqondisi balomkhandlu, bahlinzeke abafundi bezikole zamabanga aphansi ngomfaniswano weskole ukuze bezokwazi ukuqhuba izifundo zabo befinyelele ezingeni labafundi obekuhlangenwe ngabo osukwini.

UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, wethule inkulumo yosuku lapho eqhakambise khona ukudlondlobala kwezinga lokuphasa eMandeni. “Uma ngiqhathanisa indlela izikole zethu ezikhuphula ngayo izinga lokuphumelela, ngifikelwa injabulo nokwenama ngomsebenzi omuhle owenziwa othisha kanye nomnyango wezemfundo esifundeni sethu seLembe” kusho uMeya.

UMdlalose uqhube ngokudlulisa amazwi ka dolo-qina kulabo abangaphumelelanga. “ngifisa ukudlulisa amazwi okuqinisa idolo labo bafundi abangenzanga kahle kumatikuletsheni wakulo nyaka esisuka kuwo. Endleleni eya empumelelweni kunezikhisi eziningi esiphoseka kuzo, okusemqoka ukuvuka sizithathe, siphokophele phambili” kusho uMeya ngaphambi kokubongela othisha, abafundi kanye nabobonke abafake igxalaba lokuqinisekisa ukuthi unyaka ka 2024 uba ngowempumelelo kubafundi baka matikuletsheni.

“ngifisa ukudlulisa amazwi ami okubonga kothisha, abafundi, kanye nabazali ngeqhaza abalibambile ekulekeleleni iMandeni ukuthi ithole lemiphumela esihlangene ngayo namhlanje. Siyabonga kakhulu siwumkhandlu wase Mandeni, futhi siyaziqhenya ngani”

Nantu uhlu lwabafundi abenze kahle enyakeni ka 2024:

1. Mbatha Luthando Mandy : Impoqabulungu Secondary School

2. Ndlovu Ziyanda Olwethu : Tugela Secondary School

3. Mgwaba Misokuhle Thandiswa : Kwavusimuzi High School

4. Ndueche Chioma Chichi : Mathubesizwe High School

5. Ngcobo Sandisiwe Anele : Tugela Secondary School

6. Shezi Olwethu Hopewell : Tugela Secondary School

7. Khumalo Thando Percival : Tugela Secondary School

8. Khumalo Sinethemba Sphesihle : Inkosi KW Mathaba Technical School

9. Makhoba Samukelo Goodness : Lambothi High School

10. Shange Slindokuhle Princess : Mathubesizwe High School

Nantu uhlu lwezikole ezenze kahle enyakeni ka 2024;

1. Nkwenkwezi Secondary School : 99.3%

2. Ingobamakhosi Secondary School : 95.3%

3. Mandini Academy : 94.3%

4.Inkosi KW Mathaba Techinical School : 94.0%

5. Impoqabulungu Secondary School : 93.6% 

6. Ndondakusuka Senior Secondary : 93.5%

7. Mathubesizwe High School : 92.9%

8. Lambothi High School : 89.3%

9. Sikhuthele High School : 86.7%

10. Tshana High School : 86.0

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *