MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

Mhlaka 10 September 2024, uMasipala wase Mandeni ubambe umcimbi wokwamukelisa izitifiketi abantu abasha abebeyingxenye yoqeqesho lokwakha izindlu obeluholwa ngabakwa National Home Builders Registration Council (NHBRC).

Lolu uhlaka olumele ukuqinisekisa ukuthi bonke laba abango makhi banezincukaca ezibavumelayo ukwenza lomsebenzi nokuthi baqasheke ezinkampanini ezinkulu ze-construction kanye nokuzimela njengabaqashi.

Ukusondezwa kwabakwa NHBRC emphakathini wase Mandeni, kungenye yezibophezelo zalo Masipala wokusondeza zonke izinhlaka ezinolwazi kanye nosizo ukuba zisondele ukuzolekelela abantu bakithi.

Njengengxenye yokwenzekile osukwini, Ilunga le Executive Committee uKhansela Zamile Mdletshe wethule inkulumo yosuku lapho ebalule khona ukubaluleka kokufukula abantu abasha ngokwamakhono kanye namaphepha afanele.

“Uhlelo olufuze lolu, ludlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu abasha bakithi bayakwazi ukuzimela, baphinde babe sezingeni elibenza bekwazi ukuncintisana bephethe amaphepha afanele nabanye abantu abasha bakwezinye izindawo. Siwu Masipala wase Mandeni, sinezinhlelo eziningi ezifuze lezi emikhakheni eyahlukene. Konke lokhu sikwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awukho umkhakha esiwuvalela ngaphandle” kuqhuba uMdletshe.

Ngezinhlelo ezifuze lezi, umphakathi ungaxhumana nehhovisi lakwa LED ku 0324568200 kanti izikhangiso ngamathuba afuze lawa ayavezwa kulona lelikhasi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *