31 October 2024 – 01 November 2024 || UMasipala wase Mandeni usingathe isithangami sokuhlala kwesishayamthetho sesifundazwe iKwaZulu-Natal eSibusisiwe Hall, eMandeni inhloso yalokhu kuhambela kwe sishayamthetho eMandeni ukulalela nokuphendula ngenhloso yokuqhamuka nezisombululo zezingqinamba ezibhekene nomphakathi ongaphansi kwesifunda iLembe.
Njengengxenye yokuvakasha kwe sishayamthetho, amakhansela omkhandlu ka Masipala wase Mandeni, eholwa ngu Meya uThabani Mdlalose, isekela lakhe uKhansela Bhekithemba Magwaza kanye nezimenenja, amalunga amakomidi ezigceme nomphakathi wonkana wase Mandeni bathamele inkulumo-mpikiswano yamalunga esishayamthetho.
Lenkulumo mpikiswano ibincike kakhulu ekudingideni izidingo zamalunga omphakathi kanye nokuhlonza okumele kubekwe eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu ziba ngcono.
Evula lesisithangami, uMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uqinisekisile ukuthi lo Maspala uzibophezele ekushintsheni izimpilo zabantu kanye nokuletha intuthuko okuyiyona edingakalayo.
“Yonke imisebenzi eqhubekayo eMandeni, iqhubeka bgegiya eliphezulu kanti futhi sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi siletha intuthuko okuyiyona efunwa abantu bakithi. EMandeni intuthuko asiyiqageli kodwa siba nemihlangano yentuthuko edidiyelwe sizwe ngqo kumalunga omphakathi ukuthi ngabe ikuphi akufisayo” kubeka uMdlalose.