MANDENI LOCAL MUNICIPALITY

14 MARCH 2025 – UMeya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, ngokubambisana nongqongqoshe womnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMhlonishwa Mntomuhle Khawula, baphendule isoyi lenkundla yezemidlalo eKhenana ezokwakhiwa ngemali elinganiselwa ku R12.1 million.

Lenkundla izoba nendawo yokushintshela, izindlu zangasese, ama-grand stands amabili, indawo yokupaka izimoto kanye ne combo court elungele ukudlala ibhola lomnqakiswano, Basketball kanye nomdlalo we Tennis.

UMdlalose unxuse amalunga omphakathi wase Khenana ukuthi ayivikele lengqalasizinda kusukela ngesikhathi isakhiwa kuze kuba iyadluliselwa emphakathini ukuthi uyisebenzise.

“Sike sibone ezindaweni eziningi uma kwenziwa imisebenzi eyahlukene uzwe sekuthiwa umsebenzi umile ngenxa yezinxushunxushu, siyacela ukuthi kungenzeki lokho lapha. Uma kukhona izikhalo umphakathi ongaba nazo uze ngaphambili, simise itende njengoba senzile sizokwethula lomsebenzi, sihlale phansi sixoxe” kusho uMeya.

“Kuzokhumbuleka ukuthi into esilethe lapha, ukuzophendula esicelweni samalunga omphakathi esavela kakhulu ngezikhathi zemjikelezo yentuthuko edidiyelwe. Siyalalela, sifake emgodleni bese siyongqongqoza ezindaweni ezifanele sibuye sizophendula. Ziningi izinto ezidingwa ngamalunga omphakathi wakithi abahlale besiphathisa zona, sizimisele kakhulu ukuphendula njengoba sesenzile lapha, kanti nakwezinye izindawo sizokwenzanjalo” Kuqhuba uMdlalose.

Lenkundla kulindeleke ukuthi yakhiwe iphele esikhathini esingangezinyanga ezingu-12.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *